USihlalo we-African National Congress (ANC) eGoli kanye nemeya yedolobha uDada Morero usihoxisile isiphakamiso sakhe sokuqashwa kwabokufika eMnyangweni Wamaphoyisa kaMasipala waseGoli kulandela ukugxekwa okukhulu.
Ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela yesigungu esiphezulu se-ANC sesifunda ngeSonto, morero uphakamise ukuthi ukuqasha abokufika njengamaphoyisa kungasiza ukubhekana nezingqinamba zolimi ekulweni nobugebengu.
Isiphakamiso sakhe selokhu sachithwa amaqembu amaningi ezepolitiki – okuhlanganisa noSihlalo we-ANC esifundazweni uPanyaza Lesufi.