Namanje usamangele umphakathi waseZakheni esigcemeni sakwa-C elokishini laseZakheni eMnambithi emva kokuba kutholakale isidumbu sowesifazane endlini lapho eqhashe khona kuyo lendawo ngesonto ekuseni.
Lona wesifazane okuthiwa ungumhlengikazi khona eMtholampilo wakulendawo, utholakale enamanxeba okugwazwa. Abazibonele ngawabo bathi kubonakale kugobhoza igazi liphuma ngaphansi kwesicabha sendlu yalona wesifazane. Kuthiwa kube sekubizwa amaphoyisa nafike aqinisekisa ukuthi lona wesifazane ugwaziwe futhi akasekho.
Akwaziwa noma lona wesifazane ubulawelwe khona endlini noma ufike esegwaziwe washonela endlini. bekungakaboshwa muntu okwamanje kodwa amaphoyisa asaphenya.