Abesilisa ababili baseKZN sebeqalile ukudonsa odilikajele ngamacala okubulala, ukuthumba nokubamba inkunzi eMnambithi.
USaneliso Tshabalala noLungani Ngwenya bagwetshwe eNkantolo yesiFunda Ezakheni kuleli sonto.
Basolwa ngokugqekeza umuzi kule ndawo ngoMashi nyakenye. Bagebenga amadoda amabili ngaphambi kokuba abayise ebhulohweni eliseduze.
Okhulumela i-NPA eKZN uNatasha Kara uthe izisulu zatshelwe ukuthi zigxume ebhulohweni. UKara uthi ngesikhathi benqaba bagwazwa.
Uthi isisulu esisodwa sakwaazi ukuphunyula sibaleke kodw omunye akaskwazanga washonela khona lapho.
“Bobabili uTshabalala noNgwenya bagwetshwe odilikajele ngecala lokubulala, iminyaka engu-15 ejele ngokugqekeza ngenhloso yokubamba inkunzi ngesihluku, neminyaka emihlanu bebhadla ejele ngecala ngalinye lokuthumba.
Izigwebo ziyalelwe ukuthi ziqhubeke kanye nodilikajele, kwathiwa abakulungele ukuba nesibhamu.