Usekhubhaceni uSimenyiwe Dlomo-Zondo obekuzungeza izithombe zakhe efunwa ngumyeni wakhe uSanele Zondo ongumholi wabantu abasha aphinde abe yilunga lephlamende kwi IFP.
USimenyiwe ubebukhoma ekhasini lakhe lika Instagram ube esekhipha izinsolo azibhekise kumyeni wakhe zokumhlukumeza emshaya yingakho ethathe isinqumo sokuhamba. uthi “ kubi ukuthi umuntu ufuna ukuthi abukeke kahle emphakathini njengomholi kodwa ehluleka ukukukhombisa ekhaya”
Kuningi akuvezile kulenkulumo yakhe njengoba eveze ukuthi kumumangazile kakhulu nokuthi azithole esesithenjini ngendlela angayiqondi,ukuhlupheka ngemuva kokuhlangana nalomuntu
UmaDlomo uthi usewathintile amaphoyisa, usendaweni ephephile.