I-Police and Prisons Civil Rights Union (POPCRU) isinxuse abaphathi beSouth African Police Service (SAPS) ukuthi basungule izinhlelo ezisebenzayo zempilo yengqondo.
Lesi sinqumo silandela isigameko sakamuva sokuzibulala esibandakanya abahloli ababili be-Gauteng Traffic Provincial Inspector ngempelasonto.
Okhulumela i-POPCRU, uRichard Mamabolo, uthi ukuhlukumezeka kwamaphoyisa abhekana nakho ngesikhathi enza umsebenzi wawo kunomthelela ekuwohlokeni kwempilo yengqondo emalungwini.
UMamabolo uphakamisa ukuthi umkhankaso ovamile wokuthola amaqiniso ngamasevisi angokwengqondo nomphakathi ungasiza ekuhlonzeni amalungu asengozini yokuzibulala noma ukulwa nezinkinga zempilo yengqondo.
Ugxeka izinhlelo zamanje zempilo yengqondo njengeziphendulayo. “Inkinga amalungu amaningi akhuluma ngayo wukuthi yize engase eze kuwena ngemuva kwesigameko. Isikhathi esisithathayo ukuphinde sikuvakashele, ukuze uhlole ukuthi ingabe wenza inqubekelaphambili side kakhulu. Ngakho amalungu asebenzisa izikhungo ezizimele okumele azikhokhele ngqo futhi lokho kubeka iSAPS esimweni esingesihle.”
“Okunye wukuthi njengezinyunyana sibhekene nengwadla ngoba siyakwazi ukubhekana nezigameko esezenzekile. Yingakho siqinile ekukhulumeni nabaphathi be-SAPS ukuze baphinde babheke ukuthi singazenza kanjani lezi zinhlelo,” kusho uMamabolo.
UMamabolo uphinda aphawule ukuthi izinyunyana zinomkhawulo ekuphenduleni izehlakalo ngemva kokwenzeka, egcizelela isidingo sokuthi abaphathi be-SAPS bahlole kabusha futhi bathuthukise ukuqaliswa kwezinhlelo zempilo yengqondo.