Umama wowayengenele uMiss South Africa, uChidimma Adetshina, angase abhekane necala lokweba imininingwane yakhe. NgoLwesibili iKomidi lezasekhaya ePhalamende lithole ukuthi oKlebe sebeyaphenya ngaleli cala.
UMnyango Wezasekhaya usuthole umkhondo womuntu okusolwa ukuthi okwantshontshwa umazisi wakhe futhi waqinisekisa ukuthi uyisakhamuzi ngezincwadi ezifanele. Nokho, awekho amaphepha anjalo kumama ka-Adetshina.
Ingxabano iqale ngenyanga edlule ngesikhathi u-Adetshina ebuzwa ngobuzwe bakhe ngesikhathi ebambe iqhaza kulo mqhudelwano. Emuva kwalokhu, uMnyango wezaseKhaya uvakashele umama wakhe ongowokuzalwa eMozambique wakhipha isaziso somthetho. Kufanele achaze udaba lwakhe noma abeke engcupheni yokuthi umazisi wakhe ubhaliswe.
Inhloko yoMnyango wezaseKhaya, uConstance Moitse, uthe uphenyo lusaqhubeka. Ngesikhathi izikhulu zivakashela ikheli lokugcina elaziwayo, zadluliselwa kummeli womndeni, futhi konke ukuxhumana manje sesingathwa ngemigudu yomthetho.
Umnyango uveze ukuthi umama ka-Adetshina wasebenzisa amaphepha owesifazane ongowokuzalwa ePitoli ukuze abhalise njengesakhamuzi saseNingizimu Afrika. Lona wesifazane wathola ukuthi umazisi wakhe webiwa ngo-1995 nango-2001, lapho ethola ukuthi ukuzalwa kuka-Adetshina kwakubhaliswe ngaphansi kwenombolo yakhe kamazisi.
Umeluleki wezomthetho eMnyangweni wezaseKhaya uPhelelani Khumalo uxwayisa ngokuthi ubuzwe buka-Adetshina bungase bube sengcupheni ngenxa yesenzo sabazali bakhe. Uphenyo lusaqhubeka njengoba izikhulu ezimbili zibhekiwe kanti esesithathu sashona.