Kutshalwe amaphoyisa e-Eastern Cape ukuyolwa namaqembu ezigebengu ahlukumeza izingxenye zesifundazwe. Lokhu kulandela ukuvakasha kukaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, kulesi sifunda, lapho ehlole isimo ezindaweni ezifana noGqeberha naseMthatha.
Lezi zigebengu bezibhekise amabombo ezindlini, ezikoleni nasemabhizinisini, nokuholele ekutheni amaphoyisa kaZwelonke athathe izinyathelo. Okhulumela amaphoyisa u-Athlenda Mathe umemezele ukuthi ithimba labaseshi bezinhlaka ezahlukene selithunyelwe e-Eastern Cape ukuyobhekana nalolu hlobo lobugebengu olukhulayo.
“Ngeke sivumele imiphakathi yethu ukuthi ibanjwe imali,” kusho uMathe enxusa izakhamuzi ukuthi ziphumele obala zibike lezi zigilamkhuba. “Inselelo ekhona ukuthi amalungu amaningi omphakathi awafuni ukubika izigameko zokuqolwa kwabantu. Sidinga wonke umuntu asho amagama alaba abaqola imali.”
Ukubhekana nale nkinga, uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape usucele usizo lwenkosi yabaThembu uBuyelekhaya Dalindyebo. Okungenani izikole ezine endaweni yaseMthatha ziphoqeleke ukuthi zivalwe kulandela ukukhonjwa indlela yizigelekeqe ebezifuna imali yokuzivikela.
NgoLwesibili iSilo uDalindyebo sibe nomhlangano womphakathi ukudingida lolu daba oselukhungethe izingxenye eziningi zesifundazwe. Ngokusho koMnyango wezeMfundo kukholakala ukuthi laba baqola abantu bakule ndawo kanti oyedwa kubikwa ukuthi ubengumalusa.
Khonamanjalo, uphiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika selunyuse isibalo sawo kulesi sifundazwe ukuze luqinise lezi zigelekeqe.