Ubesekwe umphakathi wakhe ukhansela wasekuVukeni uMnuz Sphelele “Mape”Mavuso obethukuthele ethelwa ngamanzi esola abebehlela umcimbi ka Ngqongqoshe wezokubusa ngokubambisa kuzwelonke ngokuzenzela eWadini lakhe ngaphandle kokumazisa njengo khansela.
uMavuso ubehlezi nomphakathi wakhe ngekathi kuqhubeke umcimbi. Ungqongqoshe wezokubusa ngokubambisa kwaZulu-Natal uMnuz Thulasizwe Buthelezi uvulele umphakathi ithuba lokuthi ubuze uphinde ufake izincomo ngaphambi kokuba kukhulume uNdunankulu wesifundazwe kanjalo nongqongqoshe uHlabisa.
Usukume wayaphambili namanye amalunga omphakathi lapho afike wakhuluma khona.
“Ngizokhuluma njenge lunga lomphakathi wasekuVukeni. Bahlonishwa angazi noma imina yini ikhansela elingahlonishwa izikhulu noma nomanye kunje. hheyi ngithwele kanzima ekuVukeni mina. Kumanje ngezwa umeya waso Thukela esekhuluma emsakazweni nge R70 Million wohlelo lwamanzi oluza ekuVukeni kodwa mina njenge khansela angazi lutho ngalokho ngine Recoding yakhe uMeya ekhuluma lapha emsakazweni.
Kumanje lomcimbi olana ngenkathi uhlelwa angitshelwanga futhi angimenywanga yikho ngihleli nomphakathi wami sizolalela nje. Ekugcinini kuhambe kumenyezelwa kuthiwa uMape ikhansela lizovala umgwaqo bakwethu ngeke ngivimbele abantu intuthuko.
Engingakufuni ukuthi angaziwa nokuthi ngiyisivalo saliphi ibhodo
Ngyacelake mphakathi ningangibuzi lutho ngalento ngoba angitshelwanga” Kusho ukhansela eyohlala phansi washaya ihlombe wakikiza umphakathi.
Kanti ungqongqoshe uMnuz Hlabisa ephendulo ukhansela uthe uyayithanda indlela enze ngayo, ukhombise inhlonipho nokumela umphakathi wakhe.
uHlabisa uthe le project ka R30 million ingeyabantu basekuVukeni nezindawo ezakhelene nayo izosiza wonke umunto ngoba abantu bonke bayawadinga amanzi.
Inkinga lento kaHulumeni ngoba njalo mabenesizungu bagijima bezoxhaphaza umphakathi ngezinto abazazkahle ukut uyazinga ,asazi ukut ingqathu Yani let abaydlalayo noRamaphosa before ukhetho washiya ethe usonkontileka uzoqala maduze ukfaka amanz lapha eMhlumayo kuze kubemanje Lutho sekuw Hlabisa ke manje soycela ivuthiwe.