Lowo oyilungu lePhalamende aphinde abe nguMholi wentsha kuzwelonke ngaphansi kweqembu Inkatha Freedom Party uMnu Sanele Zondo ucela usizo kuwowonke umuntu ngokufuniswa ingoduso yakhe uNkk Simenyiwe Dlomo-Zondo.
UMnu Zondo uveze ekhasini lakhe likaFacebook ukuthi wagcina ukukhuluma noMadlomo ngabo11 ekuseni ngoLwesihlanu, ethi usuka eHluhluwe eya eRichards Bay ukuyocosha izinto ezithize.
UZondo uthi kobangcono uma kungathiwa ukuduka kwengoduso yakhe akuhlangene nesikhundla sakhe kwezepolitiki.
Kuvulwe icala lokolahleka kuka Mdlolo esiteshini samaphoyisa eHluhluwe.
Ongaba nolwazi noma ozwa umkhondo kucelwa asebenzise izinombolo zomndeni ezingezansi
082 659 9870 noma 083 929 5499