UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (CoGTA), uMnu. Velenkosini Hlabisa, uvakashele isikhungo Sokuhlinzeka Amanzi Ekuvukeni, ephelezelwa uNdunankulu uThami Ntuli kanye neMeya yesiFunda sasoThukela, iNkosi NB Shabalala. Ukuvakasha bekubandakanya umhlangano wokuxoxisana nomphakathi e-Ekuvukeni Sports Grounds, lapho izikhulu zinikeze ulwazi lwakamuva ngalo msebenzi kanye nemizamo yokusheshisa ukulethwa kwamanzi endaweni.
IMeya uShabalala iveze izinselelo ezinkulu ezibhekene nomasipala okubalwa kuzo ukushoda kwesabelomali, ingqalasizinda egugayo, izindaba zabasebenzi kanye nokushoda kwezimali kuzwelonke. Lezi zinselelo uthe, zithikameza umasipala ukuhlinzeka ngamanzi anele. “Umsebenzi wethu wukuhlinzeka isifunda sasoThukela ngamanzi anele kanye nokuthuthwa kwendle, sesixoxisane noMnyango wezaManzi nokuThuthwa kweNdle ukuze sithole uxhaso lwalezi zinhlelo,” kusho uShabalala.
Umasipala usuthathe izinyathelo zokubhekana nalezi zinselelo, okuhlanganisa nokunciphisa izindleko zesikhathi esengeziwe kanye nokuthenga amathangi amanzi amasha ukuze kuthuthukiswe ukusatshalaliswa kwamanzi. UNdunankulu uNtuli ugcizelele ukuzibophezela kukahulumeni wesifundazwe ekwesekeni isifunda waphinde wanxusa izakhamizi ukuthi zivikele ingqalasizinda ekucekeleni phansi impahla futhi zigweme ukuxhunywa kwamanzi ngokungemthetho okungase kuphazamiseke ukuhlinzekwa kwabantu. Uphinde wabhekana nesidingo sokunqanda ubugebengu ukuze kuhehwe abatshalizimali nokuqinisekisa intuthuko.
UNgqongqoshe uHlabisa uchaze kabanzi ngomsebenzi we-Ekuvukeni, obandakanya ukwakhiwa kwepayipi elisha elingu-13.5 km elisuka e-Oliphantskop Water Treatment Works liya e-Zandbuilt Reservoir. Lo msebenzi kulindeleke ukuthi uphothulwe ngoDisemba 2024 futhi uzohlomula cishe amakhaya angu-25,028 kuzo zonke izigceme eziyisithupha. Lo msebenzi uhlose futhi ukudala amathuba emisebenzi yetoho ngesikhathi sokwakha. Abaholi bomdabu okubalwa kubo Inkosi uR Shinga kanye nenkosi uSithole bebekhona ukuzomela imiphakathi yendawo futhi beseka lolu hlelo.
Lolu hambo lugcizelela ukuzibophezela kukaHulumeni wesiFundazwe saKwaZulu-Natali ekuqinisekiseni ukuthi zonke izakhamizi zithola amanzi ahlanzekile, athembekile.