Abomthetho baseMpumalanga bathathe igxathu elibalulekile empini eqhubekayo yokulwa nokugetshengwa kweCash-In-Transit (CIT), njengoba kuboshwe abasolwa abane eVosman ngoMgqibelo, 17 August 2024. Abasolwa, abaneminyaka ephakathi kuka-30 no-49, baboshwe kulandela umkhankaso odidiyelwe obandakanya amathimba ezobunhloli aseLimpopo naseMpumalanga, kanye namalungu eCrime Prevention avela eVosman kanye neFidelity Special Services.
Lo msebenzi ube yimpumelelo ngenxa yemizamo yophiko lweCrime Intelligence, oluhlinzeka ngolwazi olubalulekile ngezinhlelo zabasolwa. Lokhu kuvumele ithimba elihlangene ukuthi likwazi ukucutha eceleni komgwaqo u-R545, elibangise e-Ogies. Ngesikhathi abasolwa bezama ukugebenga bejhamba ngemoto emhlophe yohlobo lweMercedes-Benz Sedan, abomthetho bangenelela, bavimba ukuhlaselwa kweloli lemali yonogada.
Kube nokugij9imisana phakathi kwabasolwa namaphoyisa ngesikhathi abasolwa bebaleka ngezimoto okubalwa kuzo iBMW 330i Sedan eluhlaza okwesibhakabhaka neKia SUV enombala oluthuthu. Bagcine bebanjwe endaweni yaseVosman. Ngesikhathi beboshwa, amaphoyisa ashaqa izibhamu ezintathu zohlobo lwe-AK-47, isibhamu sohlobo lwe-9mm, izinhlamvu, amagilavu esandla nama-balaclava. Izimoto ezisetshenzisiwe okubalwa kuzo neMercedes-Benz eyebiwe nazo zishaqwe.
Abasolwa babhekene namacala amaningi, okuhlanganisa ukutholakala nezibhamu ezingavunyelwe kanye netulo lokugebenga. Bazovela eNkantolo yeMantshi Emalahleni njengoba kuqhubeka uphenyo, manje oseluholwa yiDirectorate for Priority Crime Investigation (DPCI).
Ibamba likaKhomishana wesiFundazwe uMajor General (Dr) Zeph Mkhwanazi ukuncomile ukusebenzisana ngempumelelo, wagcizelela ukuzinikela kwabomthetho ukuvikela imiphakathi kanye nokulwa nobugebengu obunodlame. Unxuse umphakathi ukuthi uhlale uqaphile futhi uqhubeke nokweseka imizamo yamaphoyisa ekulweni nobugebengu.