Abefundisi, osomabhizinisi, kanye nosaziwayo bebelokhu betheleka emzini womculi nomhleli wamaCrown Gospel Music Awards, uZanele Mbokazi, eLa-Mercy, bezobonga ngomsebenzi wakhe emculweni wokholo. UZanele ushone ngoMsombuluko ekuseni ngemuva kokulwa nesifo somdlavuza wamaphaphu, isifo esaveza ukuthi unaso ngo-Ephreli walo nyaka.
Kusukela kwavela izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni, abantu abehlukene bebelokhu betheleka emzini wakhe bezokhalisana nomndeni wakhe. UMbhishobhi Vusi Dube uthe ukudlula kukaZanele kuthinte izinhlaka ezahlukene zamabandla, hhayi eNingizimu Afrika kuphela kodwa nasemazweni afana neNigeria, Swatini, nakwamanye amazwe.
“Sizwe ubuhlungu ngokushona kukaZanele. Ukudlula kwakhe kuthinte abefundisi abaningi, siyoqhubeka simhlonipha futhi sikhumbule igalelo lakhe lokusungula amaCrown Awards, elenze laziwa nesifundazwe sethu saziwa,” kusho uDube.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, amaSiko nobuCiko, uMntomuhle Khawula, uthe nakuba uhulumeni engakathathi isinqumo ngezinhlelo zokumngcwaba uZanele, banethemba lokuthi kuzoba nezinhlelo ezizovela. Uxoxe ngoZanele njengoMama obekade ebalulekile emculweni wokholo.
“UZanele ushiye umkhondo ongenakucimeka. Ubesemncane kodwa umphumela wemisebenzi yakhe ubemkhulu. Akagcinanga nje kuphela kumaCrown, kepha nasemsakazweni ubesebenza ngokuzikhandla,” kusho uKhawula.
ULinda Sibiya, owake wasebenza noZanele kuKhozi FM, uveze ukuthi nakuba beshaqekile ngokudlula kwakhe, bayajabula ngomsebenzi omuhle awenzile.
Abanye abehambele umndeni bahlanganisa uLaConco, uSibongiseni Mbambo, uMeya yeTheku Cyril Xaba, Tzozo, DJ Sox, Nozipho Ngubo, nabanye.