ISeoul authorities isithole ukuthi izitolo ezithandwa kakhulu zaOnline okungu Shein, Temu kanye ne AliExpress zinezimpahla eziningi ezingahambisani nemigomo yezempilo futhi azingakulungele ukugqokwa ngabantu.
Kutholakale izicathulo zakwa Shein ziqukethe ikhemikhali eyaziwa ngokuthi iphithalates eningi ngokungemukelekile, okuyikhemikhali esetshenziswa ukwenza uplastiki abenza ngawo lezicathulo, kuvela ukuthi isibalo selekhemikhali singaphezulu ngo 229 kwesibalo esisemthethweni lokhu kungabangela izinkinga kubantuabasebenzisa lemikhiqizo ezifana nokungabi nanzalo noma ukuthola abantwana kungakafiki isikhathi.
Kuphindwe kwatholakala amabhodlela epolishi wezinzipho oqukethe idioxane engadala ubuthi obuyingozi esibindini kwatholakala ne Formaldehyde okuyikhemikhali yokwenza izinto zokwakha itholakala kumakapisi asobelu isitolo sakwaShein.