Amaphoyisa aphenya amacala okucekela phansi impahla kanye nodlame emphakathini ngemuva kokushiswa kwamaloli amahlanu ngaseMtubatuba enyakatho neKZN. Kubikwa ukuthi abantu bakule ndawo, abakhungathekile ngenxa yokunqamuka kukagesi, batheleke emigwaqeni yaseMfekaye ngoLwesine ebusuku.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uRobert Netshiunda uthi kuphenywa necala lokweba.
FUNDA: UNdunankulu waseKZN ufuna ukufakwa amakhamera ezikoleni
Ababhikishi babambe imibhikisho ku-N2.
“Kubikwa ukuthi amaloli amahlanu aphangiwe ngaphambi kokuthi ashiswe. Akekho osaboshiwe, kuze kube manje amaphoyisa ophiko lwezobunhloli nezinye izinhlaka baphansi phezulu baphenya ngalolu daba, ngenhloso yokuhlonza ukuthi yibo abenza amacala.”