Kusuke esinothuli esikoleni samabanga aphansi iMatshidiso eKatlehong eGoli ngenkathi kugasela uMfundisi owaziwa ngelika Mbhoro eyolanda abazukulu bakhe.
Kuvela ukuthi imindeni emibili okungumndeni wakwa Mostoeneng nowakubo mama wezingane( ongasekho emhlabeni) basembangweni wezingane.
Ekhuluma nabezindaba uMphrofethi Paseka owaziwa ngelika Mboro uthi bantwana bebehlala naye nendodana yakhe iminyaka eyisikhombisa kodwa manje umndeni wakubo wentombazane usuyabalwisa ufuna abantwana, ngaphezulu kwalokho bafuna ukuba babondle labantwana, uqhuba uthi bahlezi bebathuka kwabona labantwana bebabiza ngamagama kuyamxakake ukuthi sebeyabafuna futhi bafuna nemali yakhe.
Ebuzwa ngezikhali uthi yena yonke indawo lapho ehamba khona uhlezi enezinto zokuzivikela ngakhoke ocelemba laba ubathathe ngoba eyozivikela ukuze ezokwazi ukuhlenga indodana yakhe njengoba umphakathi ubusuqalile uyikhanda ngamatshe.
Emvakokuba ekwazile ukuphunyuka kuloyamphakathi obudiniwe uMphrofethi ube eseya emaphoyiseni.
Amaphoyisa aseqale uphenyo ngalesigameko. Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe uthe abaseshi bamatasa nokuthatha izitatimende kwabazibonele nakubasolwa.