Ikhansela LakuWard 34 ngaaphansi kukaMaspala i-Alfred Duma oThukela uMnumzane Mzuzwana Nkanyezi magasela Lithokozile ngendlela intsha yakuleward eyithokozele ngayo imidlalo ebeliyihlelile ngempelasonto.
lemidlalo yebhola lezinyawo ibibandakanya amakilabhu angu-16 ezindawo ezingaphansi kwalewadi okuyindawo yaseTholeni, Stanford kanye nelokishi laseLimehill. Ebekhona namanye amaqembu avela kwezinye izindawo ezingomakhelwane njengaKwahlathi, Dival, Uitval nezinye izindawo eziseduze. Lemidlalo ethathe izinsuku ezimbili ibidlalelwa eTholeni Sports Ground kanye naseDival Sports Ground.
UMagasela uthi uhlele lemidlalo ngenxa yokubona intsha yendawo ukuthi ihleli nje ayinazinto echitha ngazo isizungu,”kungiphatha kabi ukubona intsha ijika nelanga ikakhulukazi njengoba imisebenzi igqoza nje. Yingakho ngithe angenze lemidlalo, ukuba kuya ngami ngabe lemidlalo iba njalo ngezimpelasonto ukuze abafana bezololongeka imizimba nemiqondo” kuchaza uMagasela.
Emaqenjini angu-16 abengenele lomqhudelwano, abe mane afinyelele kowandulela owamanqamu okuyiPSG(Tholeni), Amabhoklolo, Aces(Dival) kanye ne Real Senzeni(KwaHlathi). Kowamanqamu kufinyelele iPSG kanye neReal Senzeni nokube sekunqoba iReal Senzeni ngegoli elilodwa eqandeni. IReal Senzeni ibe isihlabana ngejezi, ibhola, amamedali kanye nemali. Onke lamaqembu amane aphumelele athole imiklomelo ngokwehlukana kwawo.