Izakhamuzi ezimbili zaseLesotho okusolwa ukuthi zibandakanyeka ezenzweni zokumba ngokungemthetho eMashobota Farm ziboshwe esibhedlela iRob Ferreira ngemuva kokutholakala zinamanxeba okudutshulwa ngoLwesihlanu, zingama-26 kuJulayi 2024.
Ngokwemininingwane, abasolwa ababili abaneminyaka engu-29 no-30 ubudala abangenazo izincwadi zokuba seNingizimu Afrika kusolwa ukuthi badutshulwe endaweni yokumba okungekho emthethweni.
Amaphoyisa angaphansi kwe-Operation Vala Umgodi eMpumalanga avele aqala uphenyo oluwaholele esibhedlela iRob Ferreira lapho kuboshwe khona laba ababili.
Njengamanje, abasolwa ababili bagadwe amaphoyisa ngemuva kokuboshwa kwabo ngeContravention of Immigration Act of South Africa. Olunye uphenyo luyenziwa ukuze kutholwe izimo ezithinta ukubandakanyeka kwabo ekudutshulweni.
Amaphoyisa aphinde abopha abanye abasolwa abathathu abaneminyaka ephakathi kuka-24 no-44, abadabuka eZimbabwe ababili kanye noyedwa waseLesotho abebesiza abasolwa abalimele esibhedlela.
UMnyango Wezasekhaya uzoxhunywa ukuze uqhubeke uphenya ngesimo sabo bonke abasolwa abaseNingizimu Afrika abangenazo izincwadi ezifanele.
Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uMajor General (Dkt) Zeph Mkhwanazi ulishayele ihlombe amalungu ngokuqhubeka nokulwa nokumbiwa kwezimayini ngokungemthetho.