Abesifazane baseMoba eMnambithi sebesongele ikhansele laku ward 15 uMnuz Xolani Kubheka kanye noMaspala uThukela ngombhikisho ngendaba yokwentula amanzi kule ward. Kuzwakale izindaba ezithi abasifazane baseMoba bahlela umbhikisho wokuya emahhlovisi eNkatha Freedom Party (IFP) eThekwini ngesonto elizayo uma amanzi engaphumi ezimpompini kulempelasonto.
Idlanzana labasifazana lithi likhathele ukuwasha emfuleni iNgula kukude namakhaya abo futhi amanzi bawabanga nezinkomo.
Omunye walaba besifazane uxoxe naleli phephandaba ngalezindaba zolombhikisho uthi sebethathe isinqumo sokuyobhikisha benqunu emahhovisi eNkatha.
Uveze ukuthi izimpompi zezikgwedlwayo ezikule wadi zingu-15, kodwa kusebenza ezingu-4 kuphela, ezingu-11 zonke azisebenzi.
Uthi kuncono bayokhuluma nobuholi beNkatha okugcono amanzi anikwe umaspala wase Alfred Duma manje mhlawumbe kukhona ongakwenza wona. Baveza ukuthi sekuyophela unyaka manje amanzi engaphumi kwezinye izimpompi.
Ukhansela weWandi uKubhela uthi baqinisile uma bethi kunezimpompi ezingu-15 ewadini futhi kusebenza ezingu-4 kuphela. Uveze nokuthi kuneziphethu ezintathu ezidinga ukulungiswa futhi wabika ngazo kuziphathimandla namanje usalindile.
Khona manjalo uthe le yombhikisho ubengakayizwa kodwa kuyilungelo laba njengabavoti ukuthi bayodlulisa izikhalo zobo kubaholi.
Uthi naye uyazwelana kakhulu nomphakathi.