Amadoda amabili aboshiwe ecaleni lokudlwengula, kugwaze kuphinde kubulawe intombazanyana eyabe ingumfundi kaGrade 11 eThekwini.
UWandile Ngcobo watholakala eshonile eboshwe izandla ekhaya lakhe eMlaza ngoNhlaba kulonyaka , phakathi kwezinto ezathathwa kwaku ngumakhalekhukhwini wakhe.
Abasolwa babanjwe ngokwehlukana omunye ubanjwe eMalukazi omunye KwaShembe eClermont.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, Brigadier Jay Naicker uthe abasolwa baneminyaka ephakathi kuka-25 no-39. Umsolwa oneminyaka ewu-25 utholakale nefoni kamufi ngoMgqibelo eMalukazi. Lona ona -39 uboshwe ngesonto KwaShembe eClermont ubekwe icala lokudlwengula nelokubulala. Lo msolwa ubengaphandle ngoshwele onikezwa iziboshwa.
Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo maduze.