Ngemuva kokushiya kwakhe kuMamelodi Sundowns kuleli sonto, uRulani Mokwena umile kwelokuthi akafuni ukuhamba, kodwa isandla sakhe saphoqeleka ngemuva kokuthi iqembu limemezele ukuthi livumile ukuhlukana.
ISundowns ithe lesi sinqumo sithathwe yibhodi ngemuva kokucubungula izinhloso zabo nalokho abebekulindele, laveza ukuthi akafinyelelanga konke obekuhlosiwe.
Ngesizini edlule uMokwena usize iSundowns yanqoba isicoco sayo sesikhombisa seDStv Premiership nese-African Football League, yaphinde yaqopha umlando wamaphuzu angu-73 kuligi enamaqembu angu-16.
Uphinde wafinyelela kowamanqamu wezindebe ezimbili – oweMTN8 noweNedbank Cup, wahlulwa womabili yi-Orlando Pirates, waphinde wayisiza yakwazi ukungena kuFifa Club World Cup ngemuva kokufinyelela kowamanqamu weCAF Champions League.
Kodwa lokho akwanele ukuqhubeka kuSundowns yize isalelwe yiminyaka emithathu kwinkontileka ayisayine ngonyaka odlule.
“Uthola ucingo kumele ungene emhlanganweni kuxoxwe ukuthi ithimba likuphi. Kufanele nixoxisane lapho izinto zihambe kahle khona nibungaze impumelelo futhi nixoxisane ngokwehluleka,” uMokwena uchazele uRobert Marawa kuMSW ngoLwesithathu.
“Kwaxoxwa lezo kwase kuthi ngemuva kwalokho kwathathwa isinqumo sokuthi kuhlukane phakathi. Ngangingafuni ukuhamba. Kumele ngikucacise ukuthi ngangingafuni ukuhamba.
“Isandla sami besiphoqiwe, kodwa kuningi engingakwazi ukukhuluma ngakho. Ngisayine isigatshana sobumfihlo esingivimbela ukuthi ngikhulume ngeminye imininingwane.
“Ngiyethemba ukuthi uyakuqonda futhi uyakwamukela ukuthi kunezinto engingeke ngikwazi ukuzidalula ngoba uma ngikwenza, ngingena enkingeni enkulu.” wadumala ngesikhathi iqembu lihluleka ukusayinisa uTshegofatso Mabaso ngoJanuwari.
“Cha ngiyakungabaza ngoba angiboni ukuthi ikilabhu iphethwe umuntu oyedwa. Akuyona iklabhu yomuntu oyedwa. Angicabangi ukuthi kube yisinqumo somuntu oyedwa,” usho kanje.
“Kumele ngisho ukuthi bengisekelwe futhi ikilabhu ibingiphethe kahle… kanti-ke, kwesinye isikhathi njengoJanuwari, wonke umuntu uyazi ngoba ngike ngakhuluma ezingqungqutheleni zabezindaba ngathi sinenkinga encane nabagadli. .
“Futhi sifuna umgadli. Futhi wonke umuntu wayazi ukuthi imuphi umgadli engangimfuna futhi uqhubekile waqeda njengomshayimagoli ophambili. Kodwa yibhola lelo.”