Umqeqeshi weBafana Bafana u-Hugo Broos ujabulile ngokudlala ngokulingana 1-1 neNigeria emdlalweni wabo othokozisayo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 e-Godswill Akpabio International Stadium e-Uyo ngoLwesihlanu ebusuku.
Iqembu lishiye iNingizimu Afrika endaweni yesine kuGroup C ngamaphuzu amane emidlalweni emithathu ilandelana ezihola phambili iLesotho, iRwanda neBenin kanti iNigeria neZimbabwe ekugcineni.
“Okokuqala nje ngicabanga ukuthi umphumela wokutomula ngokulingana ulungile, siwatholile amathuba futhi iNigeria iwatholile amathuba,” kusho uBroos ngemuva komdlalo bebhekise amabombo emdlalweni nomakhelwane iZimbabwe eFree State Stadium, eBloemfontein ngoLwesibili.
“Kufanele ngibongele abadlali bami. Njengoba wazi noma ungazi, sibe nohambo olubi lokuya eNigeria ngoLwesithathu. Besisembhedeni ngo-2 ekuseni ngoLwesine, ngakho sahamba amahora angu-20.
“Uma ubona indlela abadlali abacabanga ngayo, ngingaziqhenya ngoba bekuwumdlalo onzima sibhekene neqembu elihle.”
UBroos uye ekhefini ehamba phambili ngo 1-0 ngemuva kwegoli elivalelwe kahle uThemba Zwane odlala esiswini kodwa amaSuper Eagles ahosha elinye ngemuva nje kokuqala kabusha.
“Ngesiwombe sokuqala, ngicabanga ukuthi sidlale ibhola elimangalisayo, sibe namathuba futhi besingashaya igoli. Kube nebhadi kancane ngakithi ukuthi ngemuva kwemizuzu emibili esiwombeni sesibili sangenelwa yigoli futhi usuyazi ukuthi kuzoba nzima.
“Silwe kusukela ngomzuzu wama-46 kuya kowama-95 futhi ngicabanga ukuthi umphumela ulungile.”
Njengoba sekudlalwa imizuliswano emithathu, leli qoqo liholwa yiLesotho kanti uBroos uthe amazwe okuthiwa “amancane” asethuthukile.
“Ngokujwayelekile uma ubona ngokulingana ubokwazi ukuthi iNigeria yiyona ezoba yimbangi yokuqala eqoqweni. Uma uza lapha unethemba lokuthi uzoba nephuzu elilodwa noma ungahlulwa wumdlalo obubalulekile kithina.
“Ngasho ngaphambi komdlalo ukuthi ingcindezi ikwiNigeria ngoba inemidlalo emithathu ilandelana futhi uyazi kweyokuhlunga udinga ukunqoba imidlalo yakho yasekhaya. Kithina sijabule ngephuzu.
“Iqembu lethu akulona elamazwe aphezulu kodwa liyiqili, buka imiphumela ngemuva kwemidlalo emithathu akukholakali. Lolu wushintsho olukhulu ku-Afcon lapho amazwe amancane ethuthuke khona.
“Uyabona ngemiphumela yamaqembu asemzuliswaneni wesibili nowesithathu, bekungamaqembu obujwayele ukungawalindele ku-Afcon. Nansi inkinga eseqoqweni lethu ngoba noma yiliphi iqembu linganqoba noma yiliphi elinye iqembu.”