Uzobe engekho eqenjini elizodlala umdlalo wamanqamu weNedbank Cup umdlali osanda kufika kwiMamelodi Sundowns, uThembinkosi Lorch.
Lo mdlali wethuse abaningi elaxaza i-Orlando Pirates esikhaleni, qede wayojoyina izimbangi zayo ezinkulu.
Manje sekuvele ukuthi ngeke abe khona emdlalweni uma la maqembu esebhekene kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo ntambama.
Lokhu kuvezwe umqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena ngoLwesine ntambama ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngaphambi kwalo mdlalo obhekwe ngabomvu.
“Ngabe uzobe ekhona ngoMgqibelo? Cha, ngeke abe khona,” kuchaza lo mqeqeshi.
“Uma kukhulunywa ngabadlali, akukho okubi oyokuzwa kuphuma emlonyeni wami ngabo.
“Indawo lapho ngiphumela khona obala, ngibeke amaqiniso enjengoba enjalo ilapho sengivale umnyango wehhovisi, ngikhuluma naye ngqo.”
Ube esecindezelwa ngemibuzo ukuthi athi ukucacisa ukuthi uThembinkosi Lorch uzobe engekho kulo mdlalo ngenxa yezizathu zokuqondiswa ubugwegwe.
Phela uThembinkosi Lorch usanda kugcwala ezinkundleni zokuxhumana ngevidiyo ayifake yena kuzo ejuxuza namantombazane ngesikhathi somsebenzi.
“Ulimele, kodwa vele ukhishiwe eqenjini. Walimala sibhekene neStellies eKapa futhi kungenzeka kudingeke ayohlinzwa,” kuchaza uMokwena.
Uphinde waveza nokuthi bakhona nabanye abadlali abalashwayo nokungenzeka bangabi khona kulo mdlalo oseMbombela Stadium.
“Angifuni ukukhipha amagama, baningana bona esikhathazekile ngabo kodwa sizobona.
“Kusasele izinsuku ezimbili futhi sizozama ukwenza umlingwanyana wokuthi balulame.”