Nakuba sebaziwa futhi bevunywa ompetha, omakhonya izindlondlo ze psl bakulonyaka ukuthi yibona Kanye Abafana besitayela okuyi Mamelodi Sundown njengoba sebeyinqobe amahlandla Ayisikhombisa(7)kulandelana,loyo Sekungumlando ongaziwa ukuthi uyoke ucishwe ngubani wakuphi nini.
Into abaphokephele ukuyenza manje ukukhanda umulando wabo omusha njengoba bebheke ukuqeda yonke imidlalo yabo bengasazi isibhaxu bephinde bebeke namaphuzu amahle futhi angakaze ashaywe umuntu/qembu lapha emzanzi 76/90
Umbango osele manje ukuthi ubani ngempela ngempela ozothola nombolo 2 phakathi kwe Stellenbosch Kanye ne Orlando Pirates ebhacazayo kamuva nje.
Pirates ihluleke yancama ukuthatha okungokwayo okungu nombolo 2 emdlalweni emibili eyendlule, njengoba yona ivele yakhetha ukuphisana ngawo wonke amaphuzu ngenkathi bebhekene ne Richard Bay Kanye ne TS Galaxy (1-0) kuyo yomibili imidlalo Kanti ngakolunye uhlangothi Nakhona ukugula okufanayo naku Stellies njengoba bashaywa imidlalo emibili ilandelana Swallows kwaba ngu 2-0 kwase kuthi owe Sundown bawudliwa ngo 1-0
Umgadli we Pirates Tshegofatso Mabasa uzofuna ukuthi avale kahle njengoba engazange enze kahle emdlalweni endlule, kanti ngakolunye uhlangothi ugaqele ukuhamba ne sicoco sokuba umgadli ohamba phambili ngamagoli (15) njengamanje.
Ngapha ku Supersport nangu uMagwaza ephindelela (Bruce Grobler) ebuya ekulimaleni kodwa engakalikhohlwa ukuthi ipali lingakuphi. Emidlalweni yakhe 4 ebuya ekulimaleni usekwazile ukushayela iqembu amagoli 3 Kanti naye ulindelekile ukuba abe yiphela endlebeni kwizitobha ze bucs.
Pirates iya Kulomdlalo nje azikho izithenjwa zayo zase muva okungu Tapelo Xoki olimele Kanye no Sibisi ngenxa yesigwebo samakhadi aphuzi. Kanti kulindeleke ukuba kubuye Olisa Ndah Kanye no innocent Maela bathathe izindawo zabo bese belekelelwa u Hotto Kanye no Monyane.
Supersport yona izokwamukela Shandre Campbell naye oziphumela kwe sakhe isigwebo samakhadi.
Impi ayipheli lapho ku nombolo 2 nje kuphela kodwa naku nombolo 8 ziyashisa ezakhona
K/Chiefs okuyi yona qembu elithathwa njengamakhulu iyona eqhoqhobalele nombolo 8 njengamanje, kodwa Nakhona bacuphile bahleli emnyango bengaxoshwa noma ngabe inini kuthiwe abayodlala phandle (besho Top 8) namaphuzu ayo angu 36
Lapha ngemva kwayo akukho ukuthula njengoba Amazulu, Polokwane City nabo banamaphuzu alinganayo umehluko amagoli nje qha. Bekuyoba ngcono ukube amakhosi abeyobe ebheke lemidlalo yalamaqembu esesiwabalile kuphela manje akunjalo, bheka ngoba basasaba ngisho umuntu ohleli le kunombolo 11 & 12 Okuyi Golden Arrows eno 35 wamaphuzu Kanye ne Chippa yona eno 34
Uyayibonake nawe mlandeli we Khosi ukuthi ingcindezi enibhekene nayo ingakanani, kodwa ukuze ingabi khona indumalo Kanye nokugedla kwamazinyo kubathandi Kanye nabaphathi beqembu uwodwa umsebenzi ohlalele Abafana bokuthula noxolo ukushaya vele inyoka esizifele ukuze bembhoze ihlazo elenzeke kule season. Ukhumbuleke ukuthi Uma igcina ngokuhlala ngaphaki bengayi khiphela ngaphandle kwi top 8 lokho kuyobe sekusho ukuthi Umdlalo wokuqala we top 8 we Kaizer Chiefs sesiyawazi sonke ukuthi iyobhekana nobani (kuyobe kungu bani Umqeqeshi we Chiefs ngokucabanga kwakho vele)
Ezibuhlungu kazipheli, elilodwa iqembu lalapha KwaZulu-Natal lizulelwa ngamanqe okuthi lidliwe yi zembe njengoba kuphela imidlalo ye Dstv-premiership namuhla.
Richards Bay Kanye ne Royal AM oyedwa wabo uyodlala ama Play Off Kanye ne Pretoria University ne Baroka
Ngokubona kwakho ubani ozoyo dlala ama play Off phakathi kwalaba ababili.