Emva kwesizini edlule lapho sibone kahe khona amaqembu asesifundazweni saKwazulu Natali enza kancono futhi lenyuka inani lawo adlal esigabeni esiphezulu ebholeni lakuleli, kubukeka engathi kulesizini ka 2023/2024 kuzoba nzima kakhulu.
Iqembu laKwaZulu-Natal elisendaweni engconywana yiLamontville Golden Arrows, esendaweni ka-11, enamaphuzu angu-32 emidlalweni engu-26.
Abafana Bes’thende baphuma esibhaxwini sika 3-0 abasithole kwiStellenbosch FC ngoLwesithathu eKapa.
Emdlalweni olandelayo i-Arrows izobhekana neMamelodi Sundowns, esingompetha beligi okwesikhombisa, eMpumalanga Stadium, ngoMeyi 8.
AmaZulu asendaweni ka-12 ngamaphuzu angu-31 emidlalweni engu-26.
Usuthu lushaywe omakhelwane iRichards Bay FC, ezama ukubalekela izembe, ngo 2-1 ngoLwesithathu, eKing Zwelithini Stadium.
Emdlalweni olandelayo AmaZulu azovakashela eKapa lapho ezobhekana khona neStellenbosch FC, engagayelwa mphako kulezi zinsuku, eDanie Craven Stadium, ngoMeyi 8.
IRoyal AM iyibambe endaweni ka-14 kwilogi ngamaphuzu angu-29 emidlalweni engu-25.
Nayo iThwihli Thwahla akuyihambeli kahle kule sizini njengoba igcine ishaywe yiSuperSport United ngo 1-0 ngoLwesithathu.
Emdlalweni olandelayo ezikaJohn Maduka zizobhekana neCape Town Spurs, ebheke ehlathini, eHarry Gwala Stadium, ngoMeyi 8.
OkweRichards Bay kona kubi kakhulu njengoba iyibambe endaweni ka-15 ngamaphuzu angu-23 emidlalweni engu-26.
INatal Rich Boyz igcine ishaye AmaZulu ngo 2-1 okuyenza iphephe ekutheni iqonde ngqo kwiMotsepe Foundation Championship ekupheleni kwesizini.
Nokho leli qembu laseMhlathuze lingazithola lidlala imidlalo yokuhlunga lapho okungaqinisekiwe ukuthi lingayinqoba bese lihlala kwiDStv Premiership.
Emdlalweni olandelayo iBay izotholana phezulu nePolokwane City, ezama ukugulukudela kwiTop 8, e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMeyi 8.
Ngesizini edlule izembe ligadlile KwaZulu-Natal ngesikhathi limuka neMaritzburg United esidlala kwiChampionship manje.
Njengamanje iTeam of Choice isendaweni yesihlanu kwilogi yeMotsepe Championship Foundation. Inamaphuzu angu-39 emidlalweni engu-27.
Inalo ithuba lokuyodlala imidlalo yokuhlunga uma inganqoba imidlalo emithathu esele, bese iBaroka FC (esendaweni yesithathu) neJDR Stars (ekweyesine) baqhuzuke.
Amaqembu azoqeda endaweni yesibili neyesithathu ayodlala eyokuhlunga nelizoqeda endaweni ka-15 kwiPremiership.