Owangumgadli weKaizer Chiefs neBafana Bafana, uSiyabonga “Bhele” Nomvete, usezolingisa emdlalweni weSABC 1, uZalo.
UNomvete uzakhele igama kuMakhosi lapho efike khona evela kwi-African Wanderers ngo-1998.
Ukudlala kahle kwakhe kwiChiefs nakwiBafana Bafana, kwenze waheha amehlo amaqembu aphesheya.
Usayine kwi-Udinese yase-Italy ngo-2001. Uhlale kuleli qembu waphinde wabolekiswa kwamanye e-Italy, ngaphambi kokuthi athi qu kwi-Orlando Pirates ngo-2006.
“Uqondwe abahleli boZalo kanti usayine inkontileka yonyaka owodwa,” kusho umthombo osondelene Nomvete.
“Kulindeleke ukuthi aqale ukubonakala ngoMeyi. Kukhona noSiyabonga Mbatha (obengunozinti waMaZulu neGolden Arrows) ozodlala indawo yokuba uMbhense.
“Omunye ozobonakala kuZalo uShekela (uNhlanhla Zwane) owayedlala kuMaZulu waphinde waqeqesha khona.”
UNomvete naye uke wadlala kuMaZulu esebuye phesheya, kanti nakwiMoroka Swallows uke wayibamba.
Usebenzile njengomsizi womqeqeshi kuMaZulu ngaphansi kukaBenni McCarthy osengumqeqeshi wabagadli kwiManchester United.
UMbatha waziwe kakhulu engunozinti weLamontville Golden Arrows.