I-Orlando Pirates iveze ukuthi umdlali wasemuva kwesokudla, uThabiso Lebitso, olimale ngesikhathi behlula iRoyal AM ngo 4-0 eHarry Gwala Stadium ngeSonto, uphuke ehlombe.
AmaBhakabhaka athe uLebitso, okhishwe ngohlaka ngomzuzu ka-17 kwafakwa uThabiso Monyane, uzodinga ukuhlinzwa, kanti isibikezelo sokuthi uzohlala isikhathi esingakanani ngaphandle sizokwaziwa ngemuva kwalokho.
Kodwa-ke, kubukeka sengathi lo mdlali ngeke abuye ngaphambi kokuphela kwesizini ngoMeyi.
“Ithimba lodokotela beBucs lidalule ukuthi umdlali wasemuva oneminyaka engu-28 ubudala uphuke ehlombe okudinga ukuthi ahlinzwe,” kusho iPirates. “Isibikezelo sokuthi uzohlala isikhathi esingakanani izokwaziwa ngemuva kokuhlinzwa kwakhe.”
IPirates iqhubekile nokulwela indawo yesibili ngokuwina kwayo ibhekene neRoyal.
IBucs isendaweni yesithathu ngamaphuzu angu-43 emidlalweni engu-25, kodwa ibhekene nesivivinyo esinzima sokujaha iStellenbosch FC esendaweni yesibili (enamaphuzu angu-46), equmbe phansi iPolokwane City ngo 5-0 eDanie Craven Stadium ngoMgqibelo ebusuku.
IPirates nayo isefomini njengoba isinqobe imidlalo emine ilandelana kuyona yonke imiqhudelwano, yashaya amagoli angu-16 yahlohla amathathu.
Izobhekana neCape Town City esendaweni yesithupha eKapa namhlanje (7.30pm).