Iphinde yasala emzuliswaneni wemidlalo eyandulela owamanqamu iMamelodi Sundowns kwiCaf Champions League.
Leli qembu ebeliqale lo mqhudelwano ngegiya eliphezulu lifane nemoto ebilelwa yinjini sekusele kancane ifike lapho iye khona.
Iwashiswe ijezi yi-Esperance yaseTunisia eyishaye ngo 2-0 sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze emibili emzuliswaneni wemidlalo eyandulela owamanqamu.
Lokhu kulandela ukunqoba ngo 1-0 kwe-Esperance eLoftus Stadium ngoLwesihlanu ebusuku emdlalweni oke wamiswa imizuzu engaphezu kuka-30 ngenxa yesimo sezulu esibi.
Mhlawumbe isiphepho esihambisana nokuduma nokubanika bekuyinkomba yokuthi izinto azizuhamba kahle eqenjini lasekhaya.
Nokho umdlalo ubuyelile ngemuva kokuthi bewuke wamiswa, nokuyilapho iSundowns ibukeke izonqoba.
Phela yiyo ebihamba phambili ngomdlalo, ikwenza konke kahle ngaphandle kokubeka ibhola enethini.
URayed Bouchiniba uyena oqede amathemba eSundowns ngomzuzu ka-58, eshaya igoli eliqansise umsebenzi kwezikaRulani Mokwena.
Ngemuva kwaleli goli, bekudingeka iSundowns ishaye amagoli amathathu ukuze idlulele kowamanqamu.
Nokho ihluleke ngisho ukuthola elokubika ekhaya, kwaba wukusala kwayo endleleni futhi.
I-Esperance isizobhekana ne-Al Ahly yase-Egypt emdlalweni wamanqamu njengoba idlule ngo 3-0 kwiTP Mazembe ngawo ulwesihlanu ebusuku.