Amathemba abafana besitayela okuzibona bedlala emqhudelwaneni omkhulukazi ohlanganisa amaqembu amakhulu ebholeni lezinyawo emhlabeni okuzobe kuyi 2025 fifa club world cup, azovuseleleka ngaphambi komdlalo wabo wanamuhla njengoba bezodlala umlenze wesibili kwi Caf Champion league semi final.
Iqembu le Mamelodi Sundown liyadlala namuhla Kanye Esperance yase (Tunisia) badlala Umdlalo wabo wesibili we semi final caf champion league njengoba lempi iqale ngesonto elendlule kwanqoba yona Esperance ngegoli elilodwa eqandeni. kubangwa ukuthi ubani ngempela ozokhale emuke nalendebe Aphinde azibekisele indawo kwi 2025 fifa club world cup.
Ukushaywa kwabo ngesonto elendlule akunciphisanga nje kuphela amathuba okunqoba lendebe okwesibili emladweni wabo kodwa kushabalalisa amathuba okuyoba inxenye yalo munye umqhudelwano ozoba ngonyaka ozayo ezweni lase United States.
Ukuze bekwazile ukuzibekisela indawo yabo kumele kuqala banqobe lona wanamuhla Umdlalo bese bengaqala ukuphupha nge yomhlaba ethembisa ukuza nezizumbulu zemali.
Nakuba Inhlangano ebhekelele ibhola emhlabeni okungu Fifa ingakayisho ngempela imali eyobe idlalelwa kodwa omana lapho ngikuxoxele sebeyi qagulile ukuthi ingahle ime Kanjani. Kubikwa ukuthi noma kuhlawumbiselwa ekutheni iqembu ngalinye lingazihlomulela ngo R1billion ngokuba nje ingxenye yaloyomqhudelwano bese kuthi ozoyinqoba lendebe yena angacishe azihlomulele ngo R50 billion yena.
Africa yona inezikhala ezine kulomqhudelwano ozothatha amaqembu angu 32 Kanti vele ezimbili izindawo sezibekisiwe njengoba kuyi AL AHLY kanye ne Wydad Casablanca okuyi bona abagcine benqobe lendebe ye Caf Champion league belandelana njengoba ezika Percy Tau kuyizona abavikeli balenkomishi.
Ukunqoba kwabo lomdlalo wanamuhla olindeleke ukuba uqale nge 20:00 ozodlalelwa e Loftus versfield Stadium akusho ukunqoba kwe qembu labo nje kuphela kodwa kusho ukuyomeleleka kwezwe lase Ningizimu Africa kulomqhudelwano omkhulukazi.
Koyovalwa ngomuntu emnyango njengoba ama ticket ehambisa okwamakhekhe ashisayo Kulomdlalo Kanti amasango azovulwa nge hora lesihlanu.
Ukhona nomunye Umdlalo wesibili ozoqala ngo 21:00 ophakathi kwe
AL AHLY vs TP Mazembe khona namuhla Kanti
Umlenze wokuqala badlala ngokulingana (0-0)