I-Agent yebhola kuleli uMike Makaab usenikeze isibuyekezo ngekusasa likaManqoba Mngqithi kuMamelodi Sundowns.
UMngqithi, osekuzophela inkontileka yakhe neSundowns ekupheleni kwesizini, ugaqelwe ngabomvu ngeKaizer Chiefs muva nje.
Amakhosi asathungatha umqeqeshi ozothatha izintambo kuCavin Johnson ozosuka ekupheleni kwesizini aphinde aqale njengeNhloko yezokuThuthukiswa kuChiefs.
UMakaab useveze ukuthi useke waba nezingxoxo neSundowns futhi uthemba ukuthi ikusasa likaMngqithi lizonqunywa emasontweni ezayo.
“Okwamanje sisaxoxisana neMamelodi Sundowns mayelana nezindlela zokuya phambili kuManqoba, ngibe nezingxoxo ezahlukene ezingeni eliphezulu. Nginethemba lokuthi emasontweni amabili ezayo izobe isixazululekile ngoba ekugcineni kufanele sithathele uManqoba isinqumo ngendlela efanele,” kusho uMakaab ohlelweni lwe- Extra Time kwiGagasi. Ukhozi FM kuleli sonto.
“Inkontileka yakhe izophela ekupheleni kwesizini, futhi ekupheleni kosuku useqeqeshekile futhi kufanele afune umsebenzi, kodwa sibe nezingxoxo ezinhle kakhulu,” kwengeza uMakaab.
OLUNYE UDABA: ‘Sikhathazekile,’ kusho uSiyethemba Sithebe weChiefs
Ngokubika kwephephandaba iPhakaaathi kuleli sonto, iChiefs ibifuna ukuqoka uMngqithi njengomqeqeshi wayo omusha ekuqaleni kwesizini, kodwa izinhlelo zayo zamiswa ngesikhathi iSundowns ikhetha ukwelula inkontileka yomqeqeshi ngomunye unyaka.
Sekuzocaca ukuhamba kwesikhathi ukuthi iChiefs izogcina imitholile yini ekupheleni kwesizini noma uMngqithi asayine isivumelwano esisha namaBrazilians.