Uhulumeni uhlola lokho akubiza ngokuthi uMshini Wezempilo Wokuzinakekela. Lolu hlelo luzohlolwa eMthatha Ultra City e-Eastern Cape.
“Lemishini izohlinzeka ngemithi yokuvikela inzalo ephuthumayo, iphilisi lasekuseni, ukuvikela igciwane lengculazi, amakhondomu abesilisa kanye namakhondomu abesifazane. Izophinde ihlinzeke ngokuhlolwa kokukhulelwa futhi inikeze namaqabelo.
“Umshini uzofakwa ku-N2 eMathata, lapho kugcwele khona isiminyaminya,” kusho umkhulumeli womnyango e-Eastern Cape, uSizwe Kupelo.
UKupelo uthi imikhiqizo engaphakathi emshinini imahhala.
IPhini likaNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uMnuz Sibongiseni Dhlomo, uzokwethula ngokusemthethweni lo mshini ngoLwesithathu.
UKupelo uthi kuyingxenye yemizamo yokunqanda isihlava sokukhulelwa kwentsha kuleli.
Uthi uma iphumelele izosatshalaliswa nakwezinye izindawo ezigxile kakhulu entsheni.