Ubonga akaphezi umculi kamaskandi uGatsheni kubalandeli kanye nabathandi bomculo wakhe abamenze wakhala wemuka nomklomelo weQuantum izolo ebusuku.
Lomculi ongaconsi phansi kulezinsuku ngengoma yakhe iHit after hit ube ngomunye ovotelwe ngabalandeli ukuba bawine loluhlobo lwemoto emncintiswaneni obukhona wethulwa ngabomcimbi iMother Of All Maskandi obuse People’s Park izolo ebusuku okuthe uma kubhekwa amavoti kwaba nguye uhambe phambili.
UGatsheni ube esedlulisa ukubonga okukhulu kubalandeli bakhe nathi uthando abamukhombisa lona luyamangaza baqhubeke njalo bameseke.