Umsolwa osolwa ngokushayisa imoto yowayenguMengameli Jacob Zuma uzovela okokuqala enkantolo ngoLwesibili ekuseni eNkantolo yeMantshi yaseShowe, enyakatho neKwaZulu-Natal.
Umsolwa uboshwe ngemuva kwemizuzu embalwa eshayise ujenga lwezisebenzi zikaZuma, ebezilibangise emzini wakhe oseNkandla ziphuma eShowe ngoLwesine olwedlule.
Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi uZuma ubengaphakathi emotweni yakhe ngesikhathi kwenzeka ingozi.
Akalimalanga wabe esethuthelwa endaweni ahlala kuyo eNkandla ngonogada.
Umsolwa, 51, uzovela okokuqala enkantolo ngoLwesibili, ebhekene namacala okuphuza nokushayela kanye nokushayela budedengu.
Umsolwa usolwa ngokushayisa imoto kaZuma ngoLwesine ebusuku.
Ezithombeni, imoto yowayengumengameli yohlobo lwe-BMW emnyama ibonakala ilimele emnyango oseceleni komshayeli.
Iqembu likaZuma uMkhonto weSizwe (MK) selinxuse ukuthi kuqiniswe imininingwane yezokuphepha ngemuva kwalesi sigameko.
Nokho uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, uthe imininingwane yanele kuZuma futhi iyalingana neyabanye ababengabaholi bombuso.
Uphenyo lwamaphoyisa ngalolu daba lusaqhubeka.