Bangaphezu kuka-1 000 abasebenzisi bomgwaqo asebeboshiwe kwaboshwa nezimoto ezingu-900 ngamaphoyisa asebenza ezweni lonke ngempelasonto.
Ngokusho kokhulumela iRoad Traffic Management Corporation, uSimon Zwane, ukuboshwa kwalaba kuhlobene namacala ahlukene okuhlanganisa ukushayela uphuzile, izincwadi zokushayela okungelona iqiniso, ukushayela budedengu, ukusebenza emigwaqeni ngaphandle kwezimvume zokushayela kanye nokugcwala kwezimoto zombili izimpahla nabagibeli.
“Izimoto ziboshwe ikakhulukazi KwaZulu-Natal naseMpumalanga ngenxa yokwephulwa kwezimvume zokusebenza kwezithuthi zomphakathi. Umkhankaso we-Easter Road Safety Campaign ka-2024 wethulwe ngoMashi 20 eMkhondo ngenhloso yokugqugquzela ukusetshenziswa komgwaqo ngendlela efanele nephephile, kuncishiswe izingozi zomgwaqo kanye nokufa kwabantu kuphinde kube nomthelela ekushintsheni kokuziphatha ngesikhathi sePhasika,” kusho uZwane.
Uthe amanani ezimoto anyukile ngoLwesine nangoLwesihlanu kusukela ngo-10 ekuseni njengoba u-N1 North no-N3 South baqopha izimoto ezilinganiselwa ku-2 000 ngehora ezidlula kuma- tollgate ahlukene.
I-N4 East iqophe izimoto ezingu-1,900 ngehora, kanti i-N1 South iqophe isilinganiso sezimoto ezingu-1,000.
“Okunye okukhathaza kakhulu ngalesi sikhathi izimoto ezingekho esimweni sokuba semgwaqweni, kanti izimoto ezingama-274 ezinamaphutha ziye zavalwa.
“Umthetho uyaqhubeka ngesikhathi samaholidi emizileni emikhulu nasezindaweni ezihlala abantu ukuze kuqinisekiswe ukuthi imithetho yomgwaqo iyalandelwa,” kusho uZwane.