Kuboshwe owesilisa engozini yemoto ebandakanya owayengumengameli uJacob Zuma, kusho amaphoyisa ngoLwesihlanu.
UZuma nabavikeli bakhe baphume bengenamyocu kule ngozi eyenzeke ngesikhathi elibangise eShowe KwaZulu-Natal. Ingozi yenzeke ngezithuba zabo-18:30 ku-R66, kusho okhulumela amaphoyisa uBrig Athlenda Mathe.
“Imoto yalo mlisa ishayisane nekaMnuz Jacob Zuma.
“Ngesikhathi kushayisana uZuma wayesemotweni nabavikeli bakhe. Akekho olimele, okuhlanganisa namalungu oPhiko Lokuvikela UMengameli (PPS). Owayengumengameli wakhishwa wayiswa lapho ehlala khona,” kusho uMathe.
Umsolwa oneminyaka engu-51 ubudala ubekwe icala lokushayela ephuzile kanjalo nokushayela budedengu. Uzovela eNkantolo yeMantshi yaseShowe ngoLwesibili. Ingozi kaZuma iqinisekiswe yinhloko yokhetho lwe-MK Party KwaZulu-Natal, uMusa Mkhize. Engxoxweni abe nayo neSABC, uMkhize uthe iqembu noZuma baxwayiswe ngokuthi isigameko esifuze lesi sizokwenzeka.
Lokhu kuza ngemuva kosuku iKhomishini yoKhetho (IEC) iphasise ukuphikisa ukuphakanyiswa kwalowo owayengumengameli ephalamende.
UZuma uphakanyiswe yi-MK Party njengelungu eliqavile ePhalamende likazwelonke nakuba enerekhodi lobugebengu. Irekhodi lobugebengu lisukela ekugwetshweni izinyanga eziyi-15 ebhadla ejele yiNkantolo yoMthethosisekelo ngemuva kokudelela ukugwetshwa yinkantolo ngo-2021.
I-MK Party ithe izosiphikisa isinqumo se-IEC.