UNGQONGQOSHE wezeMfundo ePhakeme, uBlade Nzimande, usenxuse inkampani ezimele, i-Educor, ukuthi yenze izinhlelo zokuthi abafundi bayo baqedele izifundo zabo kwezinye izindawo.
I-Damelin, i-City Varsity, i-Icesa City Campus kanye ne-Lyceum College, zonke ezingaphansi kwe-Educor, zisulwe ukubhaliswa njengezikhungo zemfundo ephakeme.
Kusukela ngo-2020, amakolishi amane azimele ahlulekile ukuhambisa izitatimende zezezimali zonyaka ezihloliwe futhi awazange ahambisane nemithetho ethile.
Izinkulungwane zabafundi ababhalise ezikhungweni zemfundo ephakeme i-Educor zisale konakele njengoba amaphupho abo okuthola iziqu ngemuva kukamatikuletsheni engcupheni.
Kodwa uNgqongqoshe uNzimande uthe uMnyango uzimisele ukusiza ngokudlulisela abafundi abathintekayo ezikhungweni zikahulumeni kanye nakumakolishi azimele.
“Abukho ubufakazi obubambekayo obuphakamisa ukuthi abaphathi be-Educor basebenzela ukuthuthukisa noma ukulungisa ezinye zezinkinga ezinkulu zikahulumeni kanye nokwehluleka ukuthobela imithetho.”
UNzimande uyalele ukuthi lezi zikhungo ezine zimise ukusebenza ngaphambi kokuphela konyaka wokufunda.
Lokhu kusho ukuthi futhi abavunyelwe ukwamukela abafundi abasha.