I-TikToker edumile nodokotela mbumbulu u-Matthew Bongani Lani owaboshwa ngo-Okthoba nyakenye ngokuzenza udokotela umangalele uMnyango Wezempilo eGauteng ‘ngokuxhashazwa’ ngonogada basesibhedlela iHelen Joseph Tertiary. Udokotela mbumbulu obenabalandeli abacishe babe ngu-300 000 ku-TikTok ngaphambi kokuba i-akhawunti yakhe ivalwe, useyalele abameli bakhe ukuthi bamangalele uMnyango ‘ngokubanjwa nokuboshwa ngokungemthetho ngonogada esibhedlela ngonyaka odlule.
Encwadini, uLani ufuna amademeshe ka-R9 million emnyangweni. Incwadi ifundeka kanje:
“Kuyimiyalelo yethu ukuthi mhla zingama-29 kuMfumfu 2023, ikhasimende lethu laboshwa ngonya nangokungekho emthethweni futhi lavalelwa onogada basePotlako Security & Cleaning Services esiteshini iHelen Joseph Hospital. Siyaqonda futhi siyazi ukuthi ikhasimende lethu laboshwe ngephutha nangendlela engafanele lavalelwa ngaphandle kwencwadi egunyaza ukuboshwa esibhedlela iHelen Joseph.”
Abameli bakaLani baqinisekisile ukuthi bazonikeza uMnyango amasamanisi maduze. Ummeli uPhathutshedzo Owen Sithi weSNT Attorneys uthe bayalelwe yikhasimende labo ukuthi bathathele umnyango izinyathelo zomthetho. “Enikubonile wuhlaka lwencwadi yethu yokwazisa umnyango ngesinyathelo kanti silinde ikhasimende lethu ukuthi ligunyaze ukuze sikwazi ukubopha umnyango njengokwemiyalelo yakhe,” kusho uSithi. uLani usizuze abalandeli abangu-50 000 ngemuva kokuvalwa kokuqala kwe-akhawunti yakhe ye-TikTok.
ULani ugcwale emaphephandabeni ngonyaka odlule ngesikhathi kutholakala ukuthi akayena udokotela oqeqeshiwe njengoba esho ezinkundleni zokuxhumana. Lensizwa ibenikeza izeluleko zezokwelapha futhi waze wenza nezingxoxo nabezindaba lapho evezwa ukuthi ungumgunyathi.
Uthe iziqu zakhe zobudokotela waziphothula eWits Medical School eneminyaka engu-21 kodwa isikhungo sathi asinawo amarekhodi akhe. UMnyango wezeMfundo eyisiSekelo nawo ukhiphe isitatimende sokuthi akanaso isitifiketi sikamatikuletsheni futhi wayeka isikole enza u-grade 8. ULani waboshwa ngonogada esibhedlela iHelen Joseph ngesikhathi engena ngesango elikhulu lesibhedlela ngobusuku buka-Okthoba. 29.
Emva kokuboshwa ngonogada wacela ukuya endlini encane, wazama ukweqa ngefastela, kodwa owambona wabiza onogada wabanjwa wanikelwa emaphoyiseni ukuze aboshwe. Icala lakhe lahoxiswa enkantolo. Ummeli wakhe uDimisani Mabundla wathi lona wayefaka ama-video akhe njengodokotela ezijabulisa kuTikTok. “Ukulingisa akulona icala. Okungenani izibhedlela bezingamvimba ukuthi aye ezibhedlela athathe ama-video kodwa uma eqhubeka nalokho, sekungaba yicala ke,’ kusho uMabunda. UMnyango Wezempilo eGauteng ubungakawuphenduli umbuzo wethu ngesikhathi sokushicilela.