Amaphoyisa abophe abantu abathathu baseZimbabwe ashaqa amalitha angu-2 187 odizili okusolakala ukuthi webiwe e-Ogies, eMpumalanga, ngoLwesine.
Abasolwa, abaneminyaka ephakathi kuka-24 no-30, baboshwe ngemuva kombiko wokwebiwa kwamalahle kwenye yezimayini zaseMiddelburg ngoFebhuwari.
“Ngesikhathi amaphoyisa ematasa nokulandelela ubufakazi, kutholwe izimoto ezintathu ezingamaveni zigcwele izigubhu ezinodizili.
“Bonke abashayeli abakwazanga ukuveza ubufakazi bokuthi bawuthathaphi, yingakho beboshelwe ukutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe, ukudayisa ngokungemthetho udizili kanye nokuphula umthetho we-Immigration Act,” kusho okhulumela amaphoyisa uCol Donald Mdhluli.
Abasolwa kulindeleke bavele enkantolo yeMantshi yase-Ogies maduze.