UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo ukuqinisekisile ukuthi udokotela osaziwayo uNandipha Magudumana, ube yisisulu sokushaywa ngoboshwe naye ngempelasonto.
UMagudumana, oyisiboshwa esilinde ukuqulwa kwamacala ejele laseKroonstad, uphushelwe eziko lokupheka ejele kulandela ukuhilizisana nezinye iziboshwa ezimbili.
Okhulumela uMnyango, uMnuz Singabakho Nxumalo, uthe kunomkhuleko obusesitokisini esihlukile kunesikaMagudamana ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.
“Izikhulu ze-DCS zeluleke uNandipha Magudumana ukuthi avule icala lobugebengu ngesikhathi ebika ukuthi ushayiwe, kodwa wakhetha ukuxoxa nabameli bakhe kuqala. Ngaphezu kwalokho, izikhulu zezempilo ze-DCS zamhlola futhi zathola ukuthi akalimalanga.”