Uhlelo lokuhlola olusetshenziswa yisikhungo saseUNISA seluthole ukuthi baningi abafundi abakopelayo besebenzisa uhlelo olwethulwa kune COVID19 lapho abafundi bebhala ngobuchwepheshe besemakhaya (online examination).
Lesi sikhungo sisebenzisa ama software afana no invigilator app ne turn it in ukuze abafundi bathumele ukuhlolwa kwabo.
Kubukeka engathi abafundi bavele besebenzise ubuchwepheshe besimanje manje ukubhala obufana ne CHATGPT nabanye nokwenza uma kudika imisebenzi yabo kulama software asetshenziswa sikhungo bebanjwe ukuthi abazibhalelanga.
Ngokolunye uhlangothi abafundi bona basola isikhungo ngokungasebenzi kahle kwalama software njengoba bethi kuyenzeka kuthiwe bakopelile bengazange bakopele.
UMengameli wabafundi eUNISA uNkosinathi Mabilane, ” uthi bathola amacala amaningi athinta ukukopela kwabafundi njengoba ethi ngo October -November 2023, babalelwa ku5 000 abafundi ababanjwa uphenyo olwaqhutshwa kwavela ukuthi kukhona nabenza unyaka wokuqala nathi baphume nesinqumo sokuba baphindiswe ukubhala ngoba kungenzeka ziningi izintoabangachazelekanga ngazo.
Abesikhungo bathi bazoqinisekisa ukuthi abafundi bazijwayeza ukufunda baphinde baqonde abakufundiswayo ukuze bathole iziqu ngokubafanele nangendlela esemthethweni.