Eziphuma zishisa zithi iqembu lebhola lase Thekwini oku Amazulu FC, lisengcupheni yokulahlekelwa abaxhasi babo bakudala Uma kuqhuba kanje.
Laba baxhasi isitolo esikhulu esidayisa ukudla kuloloke leli lika mthaniya okungu SPAR.
Laba baxhasi kuthiwa abeneme neze ngendlela okusetshenziswana ngayo kulonyaka noma kulesizini.
“Kuyaye kuthi Uma kusayinwa izivumelwano kube nezinto ezithile enivumelana ngazo ukuze izinhlangothi zombili zizojabula futhi zizuze okuthile, kodwa okwenzeka njengamanje akuhambiselani nokwavunyelwana ngakho” kuqhuba umthombo.
Kuthiwa inkinga yaqale lapho iqembu bekumele lihambele khona ezinye zezitoli zalaba baxhasi ezikhona lapha kulesisifundazwe sakwa Zulu_Natal nakwezinye izifundazwe kodwa lokho akwangenzeka. Lokho nje kukodwa akwehlanga kahle kubaxhasi.
Umphathi weqembu umnu Sandile Zungu ngaphambi kokuba kuqale isizini waqala ngokukhuculula I hovisi lakhe wakhipha abantu ebebekade sebenolwazi olunjulu ebholeni futhi ebese besebenze isikhathi eside eqenjini kwafakwa abantu abasha kulezikhundla, nokubonanakala kungumqansa ukusebenza noma ukusebenzisana nabaxhasi beminyaka baleli qembu.