IQEMBU leNkatha Freedom Party (IFP) lithi ukubhekana nokwanda kokuntuleka kwemisebenzi ezweni kuseqhulwini ohlwini lwezinto okumele lizenze uma lingena ezindlini zombuso ngemuva kokhetho lukazwelonke oluzayo.
Le nhlangano yethule umqulu wokhetho ezinkundleni zemidlalo iMoses Mabhida, eThekwini ngeSonto.
‘Kwenzeleni uShenge’: I-IFP incike emlandweni womsunguli ongasekho ukunqoba iKZN njengoba kuza ukhetho
Umholi weqembu uVelenkosini Hlabisa wethule lokho akubiza ngokuthi ‘uhlelo lwamaphuzu ayi-13’ lokubhekana nezinselelo eziningi.
Lolu hlu beluhlanganisa izibopho zokubuyisela izwe kulokho akuchaze njengokuwohloka kwezepolitiki nezomnotho.
Njengemiqulu yamanye amaqembu ezepolitiki, ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi bekugxilwe kakhulu kuhko futhi uHlabisa wachaza ukuthi uhulumeni we-IFP uzosifeza kanjani lesi sithembiso.
“Sizolungisa kabusha ukuthuthukiswa komnotho wendawo futhi sihlele kabusha i-Small Enterprise Development Agency ukuze sinciphise ukwehluleka kwamabhizinisi futhi sidale namathuba emisebenzi aphusile.”
Umholi we-IFP uphinde wagcizelela ikhwelo lenhlangano yentsha yaleli qembu ukuthi inikeze abafundi abangasebenzi isibonelelo sikahulumeni sesikhashana.
“Sizokhipha uxhaso luka-R3,000 kwabangasebenzi isikhathi esinqunyiwe ukusiza bonke abangasebenzi bathole imisebenzi ephusile.”
IQembu LeNkatha Yenkululeko lithemba ukuthi umqulu wayo wokuvota uzoheha inani eliqinile labavoti mhla zingama-29 kuNhlaba.