Iqembu lakuleli Drankensburg okuyizinyoni zezulu nalo liyinxenye yalo mqhudelwano obanjelwe eThekwini ozodlala amasonto × 2 njengoba uqale osukwini lwayizolo.
Lomqhudelwano ufaka wonke amaqembu agijima kwisigaba se KZNABC motsepe league njengoba engu 20 esewonke Kanti abe esehlukaniswa amaqoqo 4 Kanti iqoqo ngalinye liphethe amaqembu 5.
Drankensburg idlalile imidlalo yabo yokuqala osokwini lwayizolo njengoba Uma usuke udlala kuyenzeka udlale imidlalo 2,nabo kanjalo badlalile futhi leyo mdlalo Yomibili kodwa bayidlala ngokulingana 0_0 kuyo Yomibili imidlalo. Umdlalo wabo wokuqala bawudlale ne Muzi king Masters kwathi wesibili bawudlala no Mvoti.
Ngesonto elizayo mhlaka 16 kwephezulu bazodlala ne Chess FC bese begcina nge Hellenic.
Bonke abazogcina ngokuqhwakela emaqoqweni abo bayobe sebendlulela kuma Semi final ngo mhlaka 23 kwephezulu kanjalo ne final, kanti ozonqoba uzokhale emuke nesamba sika 100 000.