Umculi uLwah Ndlunkulu ufunge wagomela ukuthi ngeke aphinde enze enye ingoma kamaskandi noma ahlanganyele nanoma ngubani kuloluhlobo lomculo. Lokhu kuza ngemuva kokuthi abe yingxenye yengomai kaMthandeni Manqele ethi Paris athe imlethele ukudelelwa abalandeli bakamaskandi kangangokuthi akakwazanga ngisho ukujabulela impumelelo yale ngoma.
Ekhuluma ohlelweni lukamaskandi, Inqubeko News Channel, uLwah ogama lakhe langempela nguLwandile Mtshali, waseHluhluwe KwaZulu-Natal, uthe akakujabuleli ukuphumelela ngenxa yombango kamaskandi. Ukholelwa ukuthi uyisisulu sombango phakathi kwabaculi abahlomula ngezindondo uMthandeni noKhuzani osekuphele iminyaka behlaselana. “Ukukhuluma iqiniso leli culo liphumelele futhi yiculo likamaskandi lokuqala elafinyelela ku-9 million kuSpotify futhi libukwe ku-YouTube ngaphezu kuka-13 million. Kodwa lokho kungilethele inzondo nokungahlonishwa ngabalandeli bakamaskandi abakholelwa ukuthi ngivuna uMthandeni futhi akulona iqiniso lelo, angeke ngisayenza ingoma nanoma yimuphi umculi kamaskandi maduze ngoba ngincamela ukuthula kwami, kunodumo oluza nokwethukwa nezinhlamba” kusho yena.
Uqhube wathi abaculi bakamaskandi bafuna ukwenza njengamakhosi esikhundleni sokukhulisa lolu hlobo lomculo. “Abalandeli sebelandela abaculi kunomculo uqobo,” usho kanje.
ULwah uqhube wathi bekuyiphupho lakhe ukuthi iphele ingxabano eqhubekayo phakathi kukaMthandeni noKhuzani. “Ingxabano eqhubekayo phakathi kwabo ibulala imboni yomculo, uma abantu bengavele bakhohlwe yingxabano engenasidingo, lokhu kuzobuyisa udumo. Bonke abaculi bakamaskandi mabayeke ukulwa baqale ukusebenzisana ukubeka lowo mculo ebalazweni njengezinye izinhlobo zomculo. Ukuze ngivikele umsebenzi wami womculo, ngibona kungcono ukuthi ngingabe ngisasebenza nabaculi bakamaskandi,” kusho lo mculi wengoma ethi Ithuba.