Iqembu leKaizer Chiefs izolo ebusuku likwazile ukuthi libuyise isithunzi salo ngokuthi lishaye Golden Arrows ngegoli elilodwa eqandeni. Igoli elishaywe phakathi umfana omcane obeqala futhi Ukudlala izolo uWandile Duba
iChiefs bayaqala ukunqoba kulonyaka futhi leli bekuyigoli labo lokuqala kulonyaka. Lokhu kunqoba akusho Mehluko otheni ngokwesimo seLog njengoba besahleli kunombolo-6 ngamaphuzu alinganayo nawomkhaya wayo okuyiPirates ngamaphuzu angu-29, kanti kubanjwe umoya ngaye uDuba njengoba ephume eseqhunga enkundleni esethinteke iqakala.
Kanti kubafana besithende khona engathi asibonwa nangokhalo leso sithende kulezi nyanga ezendlule njengoba sebephenduke umshini ochofozwayo maqede ukhiphe amaphuzu amathathu, lokhu kulandela imiphumela yabo engemihle abayithola kamumva nje. Emidlalweni eyushumi yokugcina abayidlalile banqobe owodwa vo bashaywa kuyo yonke lena eminye. Lokho kubenze behlale kunombolo 11 ngama phuzu angu-23.
Kanti USuthu lona luphucwe iqatha emlonyeniyiSwallows emdlalweni obuyizolo eKing Zwelithini Stadium selizitshela ukuthi likhale liyemuka nawo amaphuzu agcwcele kodwa wala ukhasha Augustin Mahlonoko ngomzuzu Ka 92 efaka igoli lokulinganisa ngemva kokuba Riaan Hanamub ebeke phambili Amazulu ngo mzuzu Ka-73. bona Ukudlala kwabo ngokulingana abanyakazi nabo lapho behleli khona. Amazulu aku nombolo 10 Kanti Swallows yona nombolo 13.
Stellenbosch yona yenyukele ku nombolo 2 kwi Dstv Premiership ngemva kukuba beshaye omkhaya babo ngegoli elilodwa eqandeni (Titus) beshaye Cape Town City. Stellis sona senze isiqinisekiso sokuthi lapho amanzi ake ama khona ayaphinda enza njalo, umlenze wokuqala wanqotshwa isono Stellenbosch ngomuphumela ofanayo. Kumanje u nombolo 2 Kuya nombolo 4 bayalingana ngama phuzu 31.
Eyanamuhla imidlalo
Orlando Pirates vs CP town Spurs
Chippa vs Richard Bay
Sekhukhune vs Royal AM
TS Galaxy vs Mamelodi Sundown
Yonke lemidlalo Iqala ligamenxe elesikhombisa kusihlwa (19:30)