U-DJ Black Coffee odume umhlaba wonke usevule isahluko esisha empilweni yakhe. Wemukele uJesu Kristu njengeNkosi noMsindisi wakhe. Ngokwemithombo, isihlabani esiwine indondo yeGrammy saya esontweni iGrace Bible Church lapho afike azinikela khona ngokuphila kwakhe eNkosini.
Nfesikhathi lesi isihlabani sodumo sisukuma siya ngaphambili ukuze samukele insindiso, izinkumbi zabantu abebeyinxenye yalenkonzo ngaleso sikhathi bakhombise ukusijabulela lesi senzo futhi bamkhuthaza esinqumweni sakhe sokuba noJesu empilweni yakhe.
“Abantu babethukile futhi bejabule ngesikhathi esifanayo, ngoba lesi akusona isenzakalo sansuku zonke. Uphinde wabonakala ejabule ngesinqumo sakhe sokuthatha isinyathelo sokuqala sokusondela kuNkulunkulu,” kusho umthombo oseduze.
Lesi sihlabani sisanda kubandakanyeka engozini yendiza ecishe yadlula nempilo yakhe futhi lokhu kuthiwa kungesinye sezizathu zokusindiswa kwakhe. Ukubona impilo yakhe igqama phambi kwakhe kwamnika umbono ohlukile ngempilo nokumenze wabheka impilo yakhe nangendlela abephila ngayo, selokhu kwenzeka le ngozi akakaze afane,” kusho umthombo.
Lo DJ ogama lakhe langempela nguNkosinathi Maphumulo naye ugqugquzelwe yisifiso sokuba yisibonelo esihle ezinganeni zakhe. “Ufuna ukuba ngumuntu izingane ezibukela kuyena futhi ayikho enye indlela angakwenza ngayo ngaphandle kokwakha ubuhlobo obuqinile noNkulunkulu,” kusho umthombo.
UBlack Coffee yena ebuzwa ngalokhu uthe: “Angithandi ukukhuluma ngempilo yami, kodwa ngenze isinqumo esingcono kakhulu.”