UMnyango Wezempilo e-KZN uthi usuqophe ukwanda kwesifo soPhenyane eThekwini.
UNgqongqoshe uNomagugu Simelane uthe bangaphezu kuka-150 abantu aseqoshwe eDolobheni ethekwini abanesifo sophenyane kusukela ngoFebhuwari.
Izimpawu zihlanganisa ububomvu kwamehlo, ukulunywa, nokuzwela ukukhanya kwelinye noma womabili iso.
USimelane uthi kumele kube nemikhuba emihle yenhlanzeko ukuze kunqandwe ukubhebhetheka kwalesi sifo.
“Sinxusa labo abanezimpawu zegciwane ukuthi bangahlali ekhaya, kodwa baphuthume emtholampilo oseduze ukuze bathole usizo lwezempilo.
Umphakathi kufanele ugweme ukuthinta amehlo ngezandla, nalabo abanaleli gciwane kufanele bagweme ukuya ezikhungweni zomphakathi njengezikole futhi bagweme ukusondelana nabanye.”