Abakhokhi bentela bakhiphe okungenani u-R1.3m kulabo abazibiza “ngabalandeli abakhulu” uMama Joy Chauke noBotha Msila ngesikhathi seNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo ebiseFrance ngonyaka odlule.
Lolu lwazi luvela emnyangweni wezemidlalo, ezobuciko namasiko ngoLwesine ngemuva kwesicelo se-AfriForum ngokomthetho iPromotion of Access to Information Act.
Isicelo esifakwe ngo-Okthoba, sicele izitatimende nemibhalo ecacisayo mayelana nokuthi uMnyango wasebenzisa malini ekuhambeleni kukaChauke noMsila kulo mqhudelwano.
I-AfriForum ithe eminye imibuzo ethinta ukusetshenziswa kwemali kukaChauke noMsila ngesikhathi somqhudelwano ayiphendulwanga.
“Umnyango uphinde wehluleka ukunikeza imininingwane mayelana nezindleko zokuhambela kwalaba balandeli kweminye imicimbi yezemidlalo efanayo,” kusho le nhlangano.
I-AfriForum iphinde yacela imininingwane mayelana nokuqokwa kukaChauke noMsila, kodwa uMnyango wayigodla leyo mininingwane.
Le nhlangano iyalele ithimba layo lezomthetho ukuthi lifake isikhalo ku-Information Regulator ukuze aphoqe umnyango ukuthi unikeze ulwazi oluphelele namarekhodi aphelele ezindleko zeminyaka eyi-10 edlule mayelana “nabalandeli abakhulu”.
Lithe kuzofakwa isikhalo kumvikeli womphakathi mayelana nokusetshenziswa budedengu kwezimali ngumnyango.
Isikhulu somkhankaso we-AfriForum uCharné Mostert uthe abantu abaxhumene nezepolitiki babonakala bekwazi ukuphila ngokunethezeka ngemali yabakhokhi bentela kanti izigidi zabantu baseNingizimu Afrika zidla imbuya ngothi.
Imali esetshenziswe ezindizeni nasezindaweni zokulala iyodwa yayingaphezulu kakhulu kunaleyo etholwa abantu abaningi baseNingizimu Afrika ngonyaka.