Owazakhela udumo kwi free State Stars ngokuba qedela ishobolo leminyaka (24) bengayazi into okuthiwa indebe, uthi usalicela futhi ithuba lokuphinda akwenze futhi lokho manje usekwenzela iqembu elithandwa kakhulu lapha emzanzi Kanye nje nase Africa yonkana okuyi Kaizer Chiefs.
Luc Eymael owanqoba isicoco se Nedbank cup ne free State Stars ngo 2018 ngenkathi beshaya I Maritzburg united ngo 1-0,uthi Kade asifake isicelo sokuzosula izinyembezi zeminyaka abathandi Kanye nabalandeli baleli qembu kodwa engathi usola ukuthi CV yakhe yathathwa yafakwa emgqonyeni ngoba akawutholanga umsebenzi.
Amakhosi sekuphele cishe iminyaka ebalelwa kweyishiyagalolunye (9) egcwele bengayazi into okuthiwa indebe,njengoba naku lokhu kungabonakali kusekhona abazokuthola njengoba ama themba abo ebese sele kwi Nedbank cup nayo asebevele baphoxa zisuka nje kuyona bekhishwa zingane ze (Milford) kabuhlungu Sekukhahlelwa ama penalty Kanti ngasohlangothini lwe Dstv premiership khona abavele bekhohlwe ngoba isiyaziwa ukuthi ngeyobani.
Uthi yena nomphathi wakhe baxhumana ne Chiefs babanika CV yakhe ezisholo yona ukuthi wenzani kuphi, nini futhi ne Chiefs iyalazi igalelo lakhe kodwa nabo uthi badumala sebezwa sekumenyezelwa Calvin Johnson njengomuntu ozothatha umsebenzi wokulolonga abafana. Uthi wabe esezama ukuxhumana no Kaizer junior ukubuza kabanzi ngesimo sakhe nalapho aphendula khona ngokuthi yena akanalwazi nge CV yakhe futhi akakhumbili ngisho kukhulunywa nomphathi wezindaba zakhe zomsebenzi njengoba engamazi.
Uqhube wathi I Chief’s inabadlali abaseqophelweni eliphezulu kakhulu “ayi kabi ngingazwakali kabi kodwa chiefs akumele ngabe ikulesisimo njengamanje, ngoba inabadlali abasezengini eliphezulu kakhulu badinga nje ukukhunjuzwa Kancane ukuthi ngabe kusho ukuthini ukugqoka ijezi le Chiefs, njengoba ethi leli iqembu labanqobi, iqembu okumele linqobe izindebe ubusuku nemini nokubukeka Sekungumlando konke lokho. “
Uthe bashoda ngokubuyiselwa ukuze themba kubadlali be chiefs yena wakwazi ukwenza lokhu namanje usengakuphinda futhi lokhu bekwenze esekwenza ne qembu elikhulu uthe ubala ukuqeda lelishoboli noma lolu khwantalala olukhungethe Amakhosi.
Nginamasu nginamaqhinga, engikucelayo nje ithuba lokukuveza konke engikucabangayo nokuhle engikufisayo ngaleli qembu lase Naturena. Kudingeke abadlali bazi ukuthi akekho onejezi lakhe wonke umuntu uyalisebenzela, bakuqonde ukubaluleka kokunqoba izindebe, ukubamba umgqigqo wokushaya kwasani okuphambi kwakho nje ngabanye ozakwabo abakwenzayo lokho (Sundown)
Uthe konke kulele kwezika Motaung izinsizwa ukuthi ziyambona yini njengomuntu ongaba u Messiah ozobesula lezo nyembezi zeminyaka.