Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UGWETSHWE UDILIKA JELE OWADLWENGULA INGANE KAMAKHELWANE EMNAMBITHI

Posted on 29 February 2024

INkantolo yesiFunda yaseMnambithi igwebe udilikajele owesilisa oneminyaka engu 41 owavuma icala ngecala lokudlwengula intombazane eneminyaka emihlanu ngoNovemba 2018 endaweni yaseMnambithi.

Lomlisa kuthiwa ubengumakhelwane kanye nomalume womunye wabangani bakamgilwa. Ngelanga lesigameko lomlisa kuthiwa wayenga lengane ukuthi imlandele ngesikhathi idlala ngaphandle kwasekhaya. Wabe esemyisa endlini engasahlali muntu nalapho afike amnukubeza khona ngokocansi. Emuva kokugila lomkhuba wabe esemnika u-R1 wamyalela ukuthi angatsheli muntu ngalesi sigameko. Nokho, ingane yabikela unina ngesikhathi ibuyela ekhaya, okwaholela ekuboshweni kwalo mlisa.

Ngesikhathi kuqhubeka icala umshushisi weNkantolo yesiFunda, uMnuz Sandisiwe Ntuli, ukugcizelele ukuthi umsolwa, njengoba engumuntu omdala owaziwa yingane, wephule ukwethenjwa kwakhe. UNtuli uphinde waveza ukuthi kukhona ubufakazi bolibofuzo obumatanisa umsolwa naleli cala.

Inkantolo igwebe ummangalelwa udilikajele yathi akakufanele ukuhlangana nezingane. Ukwengeza, uthathwe njengokungafaneleki ukuba nesibhamu, futhi igama lakhe layalelwa ukuba lifakwe kuRejista Kazwelonke yabahlukumezi bocansi.

UNatasha Ramkisson-Kara, okhulumela i-NPA esifundeni sase-KZN, uzwakalise ukugculiseka ngesinqumo secala futhi wancoma imizamo yabo bobabili abashushisi namaphoyisa, egcizelela ithemba lokuthi lesi sigwebo sizoba ngumyalezo onamandla ovimbayo.

Recent Posts

  • USEZOKWAZI UKUKHIPHA UMCULO FUTHI USIPHOKAZI EMVA KOKUVALELEKA NGAHANDLE ENDIMENI IMINYAKA
  • UVELE ENKANTOLO UNKOSIKAZI OSOLWA NGOKUBULALA UMYENI NGENXA YOMSHWALENSE
  • SIYENYUKA ISIBALO SAMANTOMBAZNE ASEMANCANE ASULELEKA NGE-HIV KULELI
  • I-EFF IFUNA KUDINGIDWE EPHALAMENDE NGEZIKHALI OKUTHIWA ELAKULELI LAZITHUMELA KWA-ISRAEL
  • KUSUKE UMBANGO EZINKAMPANINI ZABAKHIQIZI NGOKUFANA KWAMABHODLELA OMATHATHA-KANYE BAKAGOLOGOLO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme