Amaqembu ezepolitiki anikezwe kuze kube uLwesihlanu oluzayo ukuthi alethe izidingo zawo zokuqokela ukhetho ngoMeyi. Amagama abo bonke abakhethwayo kuyodingeka abe kuKhomishana Yokhetho Ezimele ngalolo suku.
“Ngomhla ziyisi-8 kuNdasa, amaqembu kumele akhokhe imali efakwa okhethweni, alethe uhlu lwamagama abantu abazongenela ukhetho, futhi asinikeze nesaziso sokuthi wonke umuntu osohlwini lwabazongenela ukhetho uyahambisana nokuthi uyatholakala ohlelweni lwezikhathi zokhetho,” kusho Isikhulu esiphezulu kwa-IEC uSy Mamabolo sisho ngoMsombuluko.
I-Independent Electoral Commission ibikele abezindaba ngohlelo lwayo lokhetho njengoba izwe selizofinyelela usuku lokuvota mhla zingama-29 kuNhlaba.
UMamabolo uthe ukuqinisekiswa kwalabo abangenele ukhetho kubalulekile emaqenjini angenele ukhetho.
“Kunohlelo lonke lokushicilela loluhlu, ukwamukelwa izikhalo, kucutshungulwe lokho okuphikisana nomthethosisekelo kanye nomthetho bese ekugcineni kukhishwa lezo zinhlu. Bese kuthi mhlaka 10 kuMbasa sizotshela izwe ukuthi ngobani abangenele ukhetho. singenele ukhetho kulo nyaka.”